Telephone: (031) 701 5046
Fax: (031) 701 3454
Email: pbhs@pbhs.co.za
Physical: 18 Prospect Road, Pinetown

IsiZulu

 
IsiZulu Department: Grades 8 to 12

“Mazibuye emasisweni”

Wonke amagugu ase-Afrika aqukethwe wulimi siwadlulisela kumfundi ngobuchule, siqikelele ukuthi uphasa ngamalengiso.

We are what we speak!  Remember that the language carriers the attitudes, the norms, values and the culture that is typical of one’s nation.  In any multicultural setting this treasure is likely to be eroded.  That is why at Pinetown Boys’ High School the IsiZulu Department adopts a holistic academic approach that, among other things, instils attitudes, values and the world view that is typical of the African way of life.  Above all, we strive for excellence in the teaching of IsiZulu from Grade 8 to Grade 12.

Yisona lesi isikhathi sokuthi zibuye emasisweni.  Kuyilungelo lakhe umfundi ukuthi afundiswe ulimi lwakhe ngendlela eseqophelweni eliphezulu.

Lapha ePinetown Boys’ High School siqikelela ukuthi ukufundiswa kwesiZulu kube sezingeni eliphezulu futhi abafundi baluthande ulimi lwabo, balunike inhlonipho abayinika ezinye izilimi. Le ntshisekelo siyiveza ngokuthi sihlonze izingqinamba abafundi ababhekana nazo ekufundeni isiZulu bese sisebenzisa amasu ahlukahlukene ukubasiza.  Wonke umsebenzi ozofundiswa ukhethwa ngokukhulu ukuqikelela ukuze imfundo yabantwana igcinwe iseqophelweni eliphezulu.  Siqala ebangeni lesishagalombili (grade 8) ukucija abafundi bethu ukuze balungele ukuphumelela ngamalengiso uma sebehlolwa ebangeni leshumi nambili (grade 12). Zonke izivivinyo namaphepha okuhlolwa asethwa ngendlela efana ncimishi nesetshenziswa uMnyango weMfundo uma kuhlolwa umatikuletsheni. Lokhu sikwenzela ukuthi abafundi bajwayele indlela abayogcina behlolwe ngayo uma sebefike kumatikuletsheni.